24/02/2026
Kubikwa ukuthi UMtho Gwamanda waka -Ward 14 ngaphansi kukakhansela uThokozani Sokhela eNgubevu uchazele intatheli yalomsakazo ngodaba olushaqisayo olumehlele ,
Uchaze kanjena; "ngithe ngiyoqoqa izinkomo ngezwa zikhala zona.izinkomo, ngibe sengiphakamisa izinyawo mangithi qala qala maye babo! Yingwe phela le, lapho iqhoqhobele inkonyane imakwabo le, nhlanhla leyo bengihamba nezinja zayikhonkotha,
Ithe mayibonukuthi izinja ziyayiphazamisa, yazithelekela yazibulala ezimbili uyibona ukuthi iyalwa ayidlali".
"Ngibe sengisondela ngesikhathi ibulala izinja, ngagadla ngaphindelela nami ngilekelela izinja" kuqhuba yena uMtho.
Uphinde wathi "Nami ngigadla nje ibisila ezithendeni zami ithukuthele ngenxa yokuthi ngiyiphazamise idla inkonyane, lapho imkomo yakithi ibikhala ikhalela inkonyane".
Kodwa ke ithe uma isingithelekele nami ngathi cha, angilwele ukufa nokuphila, nangempela ngithe gwaqa gwaqa ngathi ngci! Ngathi mihli! Yafela khona lapho ngayinqoba kanjalo ke.
Story By Msinga FM