Abemi Base-Ntabethemba

Abemi Base-Ntabethemba Eli khasi lelabemi,umhlali,inzalelwane nabathandi bengingqi yase Ntabethemba. Sithetha ngayo yonke imiba edla umzi,sisakhana somelezana.

04/07/2025

Nasi isifundo.

Akesithi njengamanje usebenza e-Old Mutual uhola R9900 ngenyanga after deductions, unezingane ezimbili uyazondla nje kahle futhi ujabule ngazo uhamba nge-Toyota Etios impilo nje iyahlangana.

U-Sathane avakashe bese uyahluleka ukumnqoba uzithole ususejele. Impilo ivele ishintshe ngaso lesosikhathi ubuyele ku-Zero. Izingane zakho ziphenduka izintandane emnyango zihlale nabantu abangeke baziphe uthando njengawe. Umsebenzi wakho uyaphela same time (No income). Imoto yakho iyadliwa noma isetshenziswe umuntu wakini ozophuza ngayo utshwala agcwalise izifebe ayigingqe bese imbozwe ngamasaka izalele izinkukhu, sifike thina sizothenga amasondo ngabo R50 ngalinye.

On the other hand, wena ejele ubulawa indlala. Iziboshwa zikubhubhudla ngenduku zifuna imali. Ezinye zikufuna ngento ecijile. Amakhaza asejele akwenzani? Ubulawa umzwangedwa ukhumbule abantwana bakho nomndeni wakho. Iziboshwa ziphakama ngawe, noma hlampe kwawena usushaya inombolo usuvalelwa emakhulukuthu uyisilwane eaiyingozi.

Ekuhambeni kwesikhathi ugcine usuhlakula izitshalo, ulusa izinkomo, ugeza izingulube okuzohamba kuhambe ugcine usulala nazo. Imbobo yokukhipha udoti iphenduka ikhabethe lokugcina amafoni nezinye izinto ukuze uzokwazi ukuphila.

Kufe abantu ekhaya kini wena awukho usejele. Uyaguga iminyaka iyahamba. Ukhumbule leya-Computer owawuyisebenzisa e-Old Mutual. Uzisole ukuthi eish ukuba angivumelanga intukuthelo ngabe angikho la. Ukuba angimdlwengulanga lowamuntu ngabe ngikude nempilo.

Sengathi ningathatha izinqumo ezinhle ngezimpilo zenu, ngiyanithanda ❤️

Address

Queenstown

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Abemi Base-Ntabethemba posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Share