Ingoza & Kula Regional Council

Ingoza & Kula Regional Council Contact information, map and directions, contact form, opening hours, services, ratings, photos, videos and announcements from Ingoza & Kula Regional Council, Nonprofit Organization, Pomeroy.

30/03/2026

Amaphupho Ngenkomazi: Incazelo Nemilayezo Yasemaphupheni 🌙🐄

Emisikweni yethu, amaphupho ayindlela amadlozi noma umoya osikhululekisa ngayo, kanti ukuphupha inkomazi kunemilayezo ejulile kuye ngokuthi kwenzekani ephusheni lakho.

✨ *Izibonakaliso Ezinhle:
Uma uphupha usenga inkomazi, lokho kuyibika elihle kakhulu! Kusho ukuthi kukhona inzalo nenhlanhla ozoyithola ekuhambeni kwesikhathi. Kuyisikhumbuzo sokuthi izibusiso ziyeza.

⚠️ *Izixwayiso Nezitha:
Kodwa-ke, uma inkomazi ikujaha ephusheni, lokho kuyisixwayiso sokuthi kukhona isitha esikubhekile. Uma iphupho liphela ungabanjwanga, kusho ukuthi uyozinqoba izitha zakho. Uma ikulimaza, kumele uqaphele kakhulu.

🤰 *Kwabesifazane:*
Isiko lisitshela ukuthi uma owesifazane ephupha inkomazi izala, lokho kungaba yibika lokuthi kumele azilungiselele kahle ngesikhathi sokubeletha.

Amaphupho ethu awawona nje umcabango, kodwa ayizinkomba zendlela yethu yempilo. Wena uke waphupha ngani?

Ingoza & Kula Regional Council MabooZu Mgadi O-safe
30/03/2026

Ingoza & Kula Regional Council
MabooZu Mgadi O-safe

Isifundo Sosuku: Izaga📖✍️🏼🫆

Singena shí ekuhlakanipheni kwezaga nezisho zesiZulu ne-Isizulu Media Productions!🔥🛖🔥 Isifundo sanamuhla siletha lesi saga esijulile:

*Ikhiwane elihle ligcwala izibungu*

Lesi saga esihle, esisho ukuthi "Ikhiwane elihle ligcwala izibungu," sisikhumbuza ukuthi ukubukeka kungakhohlisa. Okubonakala kuphelele ngaphandle kungase kufihle amaphutha noma izinselele ngaphakathi. Kuyisikhumbuzo esinamandla sokuthi sibheke ngaphezu kokubonakalayo futhi siqonde isimo sangempela sezinto.

*Incazelo:* Into enhle ngaphandle ngezinye izikhathi iba nezinkinga ngaphakathi.

Yimiphi imicabango yakho ngalesi saga? Yabelana ngezincazelo zakho kumazwana angezansi! 👇

Ingoza YOUTH Ingoza & Kula Regional Council MabooZu Mgadi O-safe
30/03/2026

Ingoza YOUTH
Ingoza & Kula Regional Council
MabooZu Mgadi O-safe

Bayede Sizwe sika Phunga noMageba🛖 🔥🙌🏿 Namuhla sibheka usiko lwembeleko 🐐👶

Usiko Lwembeleko 📖👇
•Imbeleko ingenye yezinsika ezibalulekile esizweni samaZulu—ayigcini nje ngokuba yindlela yokutetela ingane, kodwa iwuphawu lokubonga, ukuhlonipha nokuxhumanisa umntwana namathongo akubo. Kusukela kudala, lesi siko sikhombisa uthando lomndeni, inhlonipho kwabaphansi kanye nokuqala kohambo lwengane empilweni.

Intoni iMbeleko ⁉️
•Imbeleko yinto yokubeletha noma yokuteta ingane, yakhiwa ngesikhumba sembuzi. Leyombuzi yokwakha imbeleko ihlatshwa nguyise wengane. Ukwakha imbeleko yengane yentombazane, kuhlatshwa isibhuzazane noma imbuzi yensikazi ekhulile. Kepha-ke intombazane iyahlatshelwa futhi intondolo ngoba isuke itheniwe. Umfana yena uhlatshelwa impongo, kukodwa nje lokho kuyamqinisa umfana. Isikhumba saleyo mbuzi ehlatshelwe umntwana, yisona ingane ebelethwa ngaso.

Yigama nje ukuthi imbeleko yinto yokubeletha ingane, empeleni
imbeleko yimbuzi yokubonga ukuzalwa kwengane ekhaya. Ingane yokuqala umlobokazi uyitetela kwabo, aqhubeke ahlale amasonto noma inyanga kwabo esetetile.

Imbeleko yaleyongane yenziwa khona ekhabonina kodwa lokhu akumvimbi uyise wengane ukuba ahlabele lengane imbuzi uma seyifika ekhaya. Ukutetelwa kwengane ekhabonina kuwukuxhumanisa imindeni yomibili, owakoyise nowakonina wengane. Ukuthi izibulo lenzelwe

imbeleko ekhabonina akusho ukuthi selingelasekhabonina. Kungenzeka khona ukuthi lithi lapho likhula kuvele ukuthi lona liphethwe ekhabonina. Lokho kusuke kuchaza ukuthi amathongo alelusile ngawasekhabonina.

Ukuthela ingane ngenyongo kuwuphawu lokuyiqinisa, ukuyifaka isiphandla kuwukuyiqinisa nokuyisondeza emathongweni, adla ngephunga. Kweminye imizi akusiyo impoqo ukufaka isiphandla kodwa lapho sifakiwe, lokho kuyaye kube wuphawu lokuthi wenziwe umcimbi wokubonga ukuzalwa kwengane ekhaya.

Usiko lwembeleko lusifundisa ukuthi ingane ayikhuli yodwa—ikhuliswa yisizwe, ivikelwe amathongo futhi ixhunywe emlandweni wayo. Ukugcina leli siko kuwukugcina ubuwena, amasiko, kanye nenhlonipho esiyibophezele kulabo abasandulela thina.

Ingoza & KulaSithuthukisa umnotho wama Qamu
16/04/2025

Ingoza & Kula

Sithuthukisa umnotho wama Qamu

Ingoza and Kula Pomeroy Regional Council,  ikhona for wena nami odinga ukuthuthukisa ulwazi lakhe.
14/11/2024

Ingoza and Kula Pomeroy Regional Council, ikhona for wena nami odinga ukuthuthukisa ulwazi lakhe.

Address

Pomeroy

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Ingoza & Kula Regional Council posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Share