13/11/2023
ISIMEMO SOTHANDO NOMA ESOKUFA by GS MKHWANAZI ( THE AUTHOR )
Iyaqhubeka .......
Ngaluzwa uthando lugijima ngemithambo yegazi lwagcwala umzimba wonke, nganquma ngalolosuku ukuthi lona ngiyamthatha nakanjani uzoba ngumfazi wami engoze ngihlukaniswe ukufa naye. Ungabona umuntu ehlala nentombi imilibe engayishadi usuke esazama ukuyithanda kodwa uma uthando lungene kahle awubheki ngisho isikhathi ukuthi sesingakanani uthandana nayo intombi ungayishada isakuthande iviki uma nje kungene oluthando lwangempela kuwena ngayo. Ngiye ngizwe bethi uthando alusekho kodwa mina ngithi lukufikisa lapho indlela ingekho khona angazi basuke bekhulum ngani ngoba umuzwa wothando namandla alo asekhona njengoba ayekhon ezikhathini ezedlulileyo.
Angilindanga umfundisi angifungise ngoba ngezwa umuzwa wothando olunzima, olwangenzisa izifungo ngokuzithandela nokuzikhethela ngingaphoqwanga muntu noma ngingafungiswanga muntu ukuthi kufungwa kanjani uma wenza isifungo sokuthatha omthandayo uzibophezela kuyena imihla yonke yokuphila kwakho. Ngavele nje ngezwa inhliziyo yami ithi lona ngusofa silahlane wami, ithambo lamathambo ami, ingxenye yomphefumulo wami ebengilokhu ngiwucinga imihla yonke yokuphila kwami emhlabeni. Ingxenye ephelelisa ubumina empilweni esemzimbeni wami. Igugu lenhliziyo yami nethemba lamathemba empilo yami.
Yathi uma lentokazi isivalelisa isuka ngafisa sengathi ngabe ngiyayiqukula ingasahambi nangezinyawo zayo ngendlela eyayiyinhle ngakhona ngavele ngazinqumela ukuyenzela noma yini eyidingayo neyithandayo.Ngazinqumela ukuyithanda ngendlela efisa ukuthandwa ngayo ngenze konke ngendlela ezoyithokozisa ngoba lunjalo uthando. Phela uthando luyathokozisa futhi luyanelisa . Lwenza umuntu abe inkosi noma indlovukazi. Lukwenza ube mkhulu ubaluleke futhi ube ngokhethekileyo kubona bonke abantu. Luyadumisana futhi luyaphakamisana..Uthando lumnandi lwedlula zonke izinto ezimnandi nezimtoti ngokunambitheka .
Kwaba semzweni wami ukuthi ngifisa ihlale njalo ijabulile ngezikhathi zonke empilweni, ngavele ngazinqumela ukuthi ngizophilela yona, nayo iphilele mina. Ngizoyithanda ngamandla ami onke ngizokhohlwa yikho konke, nginake yona ngoba vele imina engiyisukelile ngayimemela othandweni. Ngazinqumela ukuvele ngigumule inhliziyo yami ngiyinikele kuyona ngingaphindi ngithande omunye ngaphandle kwayo. Ngavele ngakhohlwa nabake bayilimaza lenhliziyo yami. Uyazi umuntu angene enhliziyweni avele anele sengathi isikhala ebesikhona sasakhelwe yena. Angene agcwale avale kungasali sikhala somunye wangena kanjalo ke uThandeka enhliziyweni yami
Ngezwa ukuthula , ukuneliseka, ukujabula , ubukhosi , ubumtoti, ukunethezeka nakho konke ubuhle bothando kwagcwala kwaphuphuma enhliziyweni yami. Ngasho ukuthi lwangenela uthando lwalentokazi enhle. Kwaba sengathi ngingagumula yonke inhliziyo yami ngiyinike lentokazi engu MaBhungane kuvele kube iyona yodwa ebusa kulenhliziyo yami yonke . Pho uthando luke lutheleke enhliziyweni kube sengathi nguye yedwa lowomuntu wesifazane ophila emhlabeni futhi lutheleke lugcwale luthi phama. Heyi umuzwa wothando mnandi uma wake wawuzwa futhi wawunambitha.
Phela ithina zinsizwa namadoda amema abesifazane sibamemela othandweni. Isimemo sifakwe ngumuntu omqalayo nongamazi kodwa ngeke umchithe uma ekumema, umnika ithuba ukuze achaze isimemo sakhe sothando nakuba kulezinsuku uba khona umuzwa kwabesifazane ukuthi ngabe isimemo sothando noma ukufa na? Kodwa ke kulezinsuku abanye besifazane nabo bayasifaka isimemo ngezenzo nangamehlo phela ukubonisa umuzwa wabo bese kuba kuyo insizwa ukuthi iyasondela noma iyaqhela.
Ngokujwayelekile amadoda noma izinsizwa zihlala zigcwele nje uthando kukancane ukuthola insizwa ixolisa ukuthi cha ayiphumeleli ukuqala ubudlelwano bothando. Kweainye isikhathi akukho ukuthi ingoba amadoda engathembekile kodwa kuyihlazo ngokwesinto ukudelela owesifazane ngokumchitha uma ekhombisa ukukuthanda ngoba ngisho ukumlahla akatshelwa ngokwesinto ukuthi awusamfuni ngoba uvele unyamalale izibonele yona intombi ukuthi akasekho.
Izikhathi ke nazo ziyashintsha kodwa noma zishintsha kusemnandi namanje entombini ukumenywa insizwa noma indoda iyimemela othandweni. Hayi ke manje sekwabhekwa ukuthi okumemayo unani , uqokeni, ushayela motoni? Uthando selwasibekelwa ifu elimnyama ngokuthi kubukwe izinto umuntu ayizo nanazo ukuze amukelwe ukuthi angasifaka yini isimemo sothando. Izimemo zothando eziningi zafakwa kubukwa lokho ukuthi umuntu unani.
Kodwa ke nasemadulo kwakuthiwa ubuhle bendoda zinkomo zayo, uma nje inezinkomo noma ingaba neso elilodwa kodwa ingasuka nosukasambe wesimomondiya nepatshazi lentokazi. Ngeke wabasola kakhulu ababuka lokho ngoba phela ngeke uzipose kosikhotheni ngoba uthi awubheki ukuthi umuntu unani. Kufanele umuntu okumemayo abe ngumuntu ohlelekile ukuze nawe ube nesiqiniseko ukuthi awuzifaki enkingeni yokuyoxoxa nohlanya.
Kuyiqiniso ukuthi uthando lulodwa alwenele ukuthi insizwa imeme ngalo intombi kodwa kufanele ithi imema ngothando zibe khona nezinkomo zokulobola. Inhloso yokweshela ensizweni phela bekungukwakha umuzi kayise. Ibingaveli ishelwe nje intombi ngumuntu ongananhloso yokuyithatha ibe ngunkosikazi wayo. Bekungaqonyiselwa ucansi kodwa ukwakha imizi yobaba nokukhulisa isihlahla semndeni.
Uthe uma uMqhele esebuza ukuthi, “kwenzakalani kanti we Wandile awuchaze, ngoba ngibe ngithi uyafika kodwa awusanyakazi ulokhu ugqolozele lentokazi, ikwenzeni mfowethu ngabe iyingelosi ngampela akuyena umuntu wesifazane? Ngoba nami ngiyayibona ukuthi inhle ngokungajwayelekile impela iqhakazise okwembalinyekhethelo yasehlobo.” Ubuza njalo uMqhele naye uthukile ulo sukasambe wentokazi eyindoni yamanzi entshontsha onke amehlo ezinsizwa namadoda.
................I yaqhubeka icinge kuma page ami
GS Sokhethabahle, GS Mkhwanazi , Umlando wakwa Mkhwanazi kwa Mpukunyoni.