Thabo Foundation

Thabo Foundation MISSION
● We encourage Youth in Sports and Academics
● Fight against crime and Gender Based Violence (GBV)
● Social Development in the community

Ithimba le Thabo Foundation kanye no Nozipho "Gojih" Ntshangase osezakhele elikhulu igama kwa Netball, izolo besivakashe...
01/08/2025

Ithimba le Thabo Foundation kanye no Nozipho "Gojih" Ntshangase osezakhele elikhulu igama kwa Netball, izolo besivakashele Tholokuhle High School laphana eNseleni lapho okuzalwa khona isihlabani sethu uMaNtshangase. Laphake ubekhumbule izandla esamfundisa samkhulisa okungothisha bakhe abanesandla esikhulu empilweni yakhe ekuthenini abe ilomuntu akawuyena namuhla, ube esephatha izinsiza kusebenza okuyizipho eziphuma kuyena kanye nakwi Thabo Foundation ekulekeleleni abafundi ukuba baqhubeke nezemdlalo. Sibe sesibakhuthaza kakhulu ukuba bazimisele emsebenzini yabo yeskole baphinde bahloniphe othisha kanye nabazali emakhaya.
Impela imfundo kanye nezemdlalo kuyahambisa⚽🏐❤️.

📸


Thank  you to everyone who attended! Your support means the world to us    "  Foundation      and Academics  Myeni  High...
22/12/2024

Thank you to everyone who attended! Your support means the world to us "
Foundation


and Academics
Myeni
High School
Chiefs

Njengoba siya emaphethelweni enyanga yamagugu sithe nathi asihlanganise abantu abadala kanye netsha ukuba bezobungaza in...
28/09/2024

Njengoba siya emaphethelweni enyanga yamagugu sithe nathi asihlanganise abantu abadala kanye netsha ukuba bezobungaza inyanga yamagugu kanye nathi
🙏

Nina beSilo nina beNdlovu enamandla nina beNdlulamithi ngicela ukunethulela nali itiye lomphakathi     uyesabeka
16/09/2024

Nina beSilo nina beNdlovu enamandla nina beNdlulamithi ngicela ukunethulela nali itiye lomphakathi



uyesabeka

Njengoba kwinyanga yabantu besifazane,sikhethe ukuvakashela kwaThabethe endaweni yasoShwashweni. Kafushane nje, ithimba ...
09/08/2024

Njengoba kwinyanga yabantu besifazane,sikhethe ukuvakashela kwaThabethe endaweni yasoShwashweni. Kafushane nje, ithimba leThabo Foundation lakhiwe zinsizwa ezazenza umatikuletsheni esikoleni iWelabasha High School ngonyaka ka-2015.

Sibone kuncono sibuyele emumva siyobonga kuMama uThabethe ngokusiphatha kahle futhi asivumele ukuthi siqashe kwakhe ngalonyaka ka-2015. Siyakukhuthaza ukuthi abafundi behloniphe izindawo noma imizi abasuke beqashe kuyona ngoba umsuka wekusasa eliqhakazile uqala lapho.

Sinethemba lokuthi sizovashela imphakathi ngokwahlukana kwayo,silule isandla lapha nalaphayana ngokungangamandla eFoundation ngalesosikhathi. Kusijabulisile ukubona umuntu omdala ethokozile ngenxa yethu,sengathi umdali engandisa amandla esinawo ukuze singagcini kuMama kuphela.

Ngokukhethekile sithanda ukubonga ithimba lethu elakhiwe uThabo Myeni,Sakhile "Masakhie Malindisa" Thwala, Sbusiso Sithole,Samkelo Gcwabaza kanye noMnqobi Lindo Ntshali . Bese sibonga nabobonke abalandela ikhasi lethu nabasifisela okuhle,sinxusa ukuba niqhubeke nokuseseka. Nkulunkulu anibusise sinithanda nonke emakhaya🙏

📸 Skhonuz Images

Sibonge kakhulu kwi Location club nge support abasiphe yona Nkulunkulu akhulise umsebenzi wakho🙏
31/07/2024

Sibonge kakhulu kwi Location club nge support abasiphe yona Nkulunkulu akhulise umsebenzi wakho🙏

Ithimba le THABO FOUNDATION lithembisa okukhulu njengoba kuzoqala inyanga yabesifazane
30/07/2024

Ithimba le THABO FOUNDATION lithembisa okukhulu njengoba kuzoqala inyanga yabesifazane

Address

Mbonambi

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Thabo Foundation posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Share