Christ Embassy Ladysmith

Christ Embassy Ladysmith OUR VISION is to take the divine presence of God to the people of the world; and to demonstrate the character of the Holy Spirit.

I-RAPSODI YAMAQINISO I-TEEVOuLwesine, Februwari 2IGAMA ELINQOBA KONKE (Xosha Onke Amadimoni Ngegama LikaJesu Elinamandla...
01/02/2023

I-RAPSODI YAMAQINISO I-TEEVO

uLwesine, Februwari 2

IGAMA ELINQOBA KONKE
(Xosha Onke Amadimoni Ngegama LikaJesu Elinamandla)

đź“– EBHAYIBHELINI
ngokukaMarku 16:17-18 CEV
“Lezi zibonakaliso ziyakubalandela abakholwayo: Ngeigama lami bayakukhipha amadimoni, bakhulume ngezilimi ezintsha. Bayakubamba izinyoka; uma bephuza okubulalayo, akusoze kwaba nangozi; bayakubeka izandla phezu kwabagulayo, basinde.”

▶️ ASIKHULUME
Igama likaJesu liyigunya elinamandla kunawo wonke amagama akhona emhlabeni wonke jikelele—alikho elinye igama elinegunya elanele ukumelana nemiphumelela yeGama likaJesu—lokho kungenxa yokuthi uNkulunkulu uphakamise uJesu waze wafinyelela esiqongweni salo lonke igunya. Lapho ufunda futhi uqonda okushiwo iBhayibheli ngeGama likaJesu, kuzoqinisa ukholo lwakho futhi kuguqule isimo sakho somngqondo kanye nendlela yokuphila. KwabaseFilipi 2:9-10 NIV ithi, “Ngakho-ke uNkulunkulu wamphakamisela endaweni ephakemeyo, wamnika igama elingaphezu kwawo wonke amagama, ukuze ngegama likaJesu amadolo onke aguqe, awasezulwini, nawasemhlabeni, naphansi komhlaba. ”
NgeGama lakhe, wonke amadolo ayaguqa, amademoni ayathuthumela nesihogo siyazamazama. Haleluya! Wathi, “NgeGama lami (labo abakholelwa kuye) bayokhipha amadimoni.” Awudingi ukujuluka ukuze uxoshe amadimoni. Okudingayo nje qha ukuthi usebenzise iGama likaJesu. Usathane angase adlale ngomgqondo wakho, akutshele ukuthi “awufaneleki” noma “unamandla” anele okumxosha. Ungalinge wamukele amanga akhe. UJesu ukunikile igunya.
NgokukaLuka 10:19, wathi, “Bhekani, ngininikile igunya lokunyathela izinyoka nawofezela naphezu kwawo wonke amandla esitha, futhi akukho lutho oluyonilimaza.” Unakho konke okufunekayo ukuze uxoshe amadimoni—iGama likaJesu. Konke okukhona kulo mhlaba nangale kwawo kungaphansi kwaleloGama. Phila ngokunqoba futhi ubuse izimo eGameni Lakhe.

📚 Jula
ngokukaJohane 16:23-24 CEV; Izenzo 3:1-10,16

đź—Ł Khuluma
Konke okukhona kulomhlaba nangale kwawo kungaphansi kweGama likaJesu. Ngisebenzisa igunya lami Kuye ukuze ngigcine usathane kanye neqembu lakhe bekude futhi benqotshiwe, njengoba ngiphila ngokunqoba futhi ngibusa izimo zokuphila, eGameni likaJesu. Amen.

Kindly join🤗 the Zulu Rhapsody Dailies channels 🥳🥳🥳 on Telegram:
Rhapsody Dailies Channels:
• Zulu Rhapsody Dailies: https://t.me/zulurhapsodydailies
• Zulu Teevo Dailies: https://t.me/zuluteevodailies
• Zulu Early Readers' Dailies: https://t.me/zulurhapsodyearlyreaders

✍ Ukufundwa KweBhayibheli Nsukuzonke

UNYAKA OWODWA
ngokukaMathewu 2, uGenesis 3-5

IMINYAKA EMIBILI
Izenzo 6:1-8, uNehemiya 4-5

🎯 Yenza
Thola umlayezo othi “Authority In The Name Of Jesus” kwiplatifomu i-Pastor Chris Digital Library ukuze ufunde kabanzi ngeGama likaJesu.

✍ Amanothi Ami
____

08/05/2021

IRapsodi YamaQiniso i-TeeVo

🗓️ ISonto, Meyi 9

“INKAZIMULO! INKAZIMULO!”
(Phila Impilo Ekhazimulisiwe KuKristu)

👤 uMfundisi uChris

đź“– EBHAYIBHELINI
KwabaseRoma 8:29-30 “Ngokuba labo ayebazi wabamisa ngaphambili, bafane nesimo sendodana yakhe, ukuze yona ibe-yizibulo phakathi kwabazalwane abaningi. Labo abamisile ngaphambili ubabizile futhi; labo ababizile ubalungisile futhi; labo abalungisisileyo ubaphile nenkazimulo futhi".

▶️ ASIKHULUME
“Michelle, kungani umemeza kangaka uthi 'Inkazimulo, Inkazimulo!' Futhi uyaqhubeka nokukwenza,” kusho uJessica ngokukhathazeka ephimbweni lakhe.

"O Jessie, ngimemeza ngaleyo ndlela ngoba impilo yami iyakhazimula ngenkazimulo nobuhle bukaNkulunkulu, futhi ngijabula ngayo nsuku zonke! Inkazimulo!" Kubabaza uMichelle kakhulu.

“Umuntu uyithola kanjani leyo nkazimulo? Ingabe kufanele ngiyikhulekele ukuze ifike?” U-Jessie ebuza ngobukhulu ubuqotho.

“Cha, okudinga ukuba ukwenze ukunakho konke ukuthi ukholwe enhliziyweni yakho ukuthi uNkulunkulu wayivusa iNdodana yakhe uJesu Kristu kwabafileyo futhi uvume uJesu njengeNkosi, yilokho nje! Kusuka lapho, Impilo yenkazimulo iba ngeyakho!”

Abanye abantu abathili abasiqondi lapho sigubha inkazimulo kaNkulunkulu ezimpilweni zethu. Bacabanga ukuthi ugcina inkazimulo yakhe ezulwini kuze kuba siyakhuleka kuye noma siyamkhonza. Enkonzweni ethile, kwesinye isikhathi, kubiza umhlabeleli othile ukuba azohlabelela ukuze “kwehliswe inkazimulo.”
Bayehluleka ukuqonda ukuthi lowo ozelwe kabusha, uzalelwe enkazimulweni kaNkulunkulu. Awudingi muntu ukuba azokwehlisa inkazimulo. UJesu usevele ukunikile inkazimulo kaNkulunkulu: “Nenkazimulo ongiphe yona ngiyiphile bona, ukuze babe-munye, njengalokhu thina simunye” (NgokukaJohane 17:22).

Ungayizibi inkazimulo kaNkulunkulu ekuMoya wakho, lapho ukhuleka, utadisha iZwi futhi uzindla ngeZwi, iyakhula. Ngakho-ke, hamba enkazimulweni, phila ngokuthi uzazi ukuthi ungubani kuKristu!

📝 Jula
2 KwabaseKorinte 3:18; 1 kaPetru 1:10; 2 kaPetru 1:3

🗣️ Khuleka
Baba othandekayo osezulwini, ngigubha inkazimulo yakho nokuba khona kwakho empilweni yami! Ngiphila ngokunqoba, ngazi ukuthi akukho okungenzeke kimi, nokuthi zonke izinto zisebenza ngokubambisana kimi, ngoba ngiyakuthanda futhi ngibizwe ngokwenjongo yakho. Ngithole inzuzo, eGameni likaJesu. Amen.

đź“– Ukufundwa KweBhayibheli Nsukuzonke

UNYAKA OWODWA
NgokukaJohane 4:27-53, 1 AmaKhosi 2-3

IMINYAKA EMIBILI
KwabaseKorinte 6:12-29, Izaga 5

▶️ Yenza
Memezela ukuthi uphila enkazimulweni kaNkulunkulu njalo njalo namuhla.

✍️ Amanothi Ami
___________________________________________________________________________________________________

06/05/2021

RHAPSODY OF REALITIES THURSDAY 6TH MAY

MINISTERING THE WORD

The glory of this latter house shall be greater than of the former, saith the LORD of hosts: and in this place will I give peace, saith the LORD of hosts (Haggai 2:9).

In Acts 4, we read that the saints of the early Church, in a time of intense persecution, prayed to the Lord. They said, “…grant unto thy servants, that with all boldness they may speak thy word, By stretching forth thine hand to heal; and that signs and wonders may be done by the name of thy holy child Jesus” (Acts 4:29-30).

*PRICELESS*❤️...https://wp.me/p9v28c-1X0

Few chapters after that, Peter went into the house of Cornelius the Roman centurion and the Bible says, “While Peter yet spake these words, the Holy Ghost fell on all them which heard the word” (Acts 10:44). Remarkable indeed!

The word “fell” is translated from the Greek “epipipto,” which means to embrace with affection, to fall like rain or fall upon someone in an embrace. As Peter spoke those gracious words of salvation, the Holy Ghost embraced everyone in Cornelius’ household, and they were all recreated and filled with the Spirit. Hallelujah!

Such experiences ought to be commonplace through the Church of Jesus Christ. In these last days, the Spirit of God is moving on His children to preach and teach His Word with power, with miracles, signs and wonders. God’s people around the world are going to be amazed at the move of the Spirit in their lives at a degree they’d never seen before.

Become conscious of this as you go preaching the Word everywhere. While you’re yet speaking and preaching in the offices, in the shops, in the streets, schools and shopping malls, the Holy Ghost will fall on your hearers and they’ll be filled with the Spirit.

*TELEGRAM*...https://t.me/dailyaffirmations

Get yourself immersed in Him every day. Before you go out, get filled with the Spirit. Soak your spirit more in the Holy Spirit through fellowship. Pray and fast often. God’s power to save, heal, deliver and bless is in the Gospel, which has been committed to your trust to share with others by the power of God’s Spirit. And this is the time!

PRAYER
Oh Lord God, there’s none like you; you’re greater than all, and all the nations belong to you. The heavens shout your praise and your Name is exalted forevermore. As your children go about preaching the Gospel everywhere, you confirm their words with signs following, resulting in massive harvests of souls into the Kingdom, in Jesus’ Name. Amen.

FURTHER STUDY
John 7:38-39; Acts 4:31 & 33; Mark 16:20

1 YEAR BIBLE READING PLAN:
John 3:1-21 & 2 Samuel 22
2 YEAR BIBLE READING PLAN:
Mark 8:10-21 & Numbers 9

05/05/2021

IRapsodi YamaQiniso i-TeeVo

uLwesine, uMeyi 6

KUSEKHONA OKUHLE EMHLABENI
(Thokozela Ubuhle BukaNkulunkulu Empilweni yakho)

👤 uMfundisi uChris

đź“– EBHAYIBHELINI
AmaHubo 24:1-2
“Umhlaba UngokaJehova nokugcwala kwawo, izwe nabakhileyo kulo. Ngokuba yena wawusekela phezu kwezilwandle, wawumisa phezu kwemifula.”

▶️ ASIKHULUME
Njengabantwana bakaNkulunkulu, siyinzalo ka-Abrahama, futhi lokho kusenza izindlalifa ngokwesithembiso: “kepha uma ningabakaKristu, seniyinzalo ka-Abrahama, niyizindlalifa ngokwesethembiso” (KwabaseGalathiya 3:29). Siyizindlalifa zikaNkulunkulu; uma umhlaba ungowakhe, lokhu kusho ukuthi ungowethu, ngokuba siyizindlalifa kanye noKristu: “Uma-ke singabantwana, siyizindlalifa futhi, izindlalifa zikaNkulunkulu, izindlalifa kanye noKristu...” (KwabaseRoma 8:17). Ngakho-ke, uyabona, ukuthi umhlaba ungowethu; ungowethu ukuba siwujabulele.

IBhayibheli lithi umhlaba ugcwele ubuhle beNkosi (AmaHubo 33:5). Lokhu kuhle kakhulu! Cabanga ngakho lokhu: nakuba kunezinto ezimbi esizizwayo ezenzeka emhlabeni, umhlaba usagcwele ubuhle bukaNkulunkulu. Qaphela ukuthi alisho ukuthi "Umhlaba unobuhle bukaNkulunkulu," kepha lithi "ugcwele ubuhle bakhe." Ubuhle bukaNkulunkulu obusemhlabeni banele wonke umuntu ukuthi ajabule ngakho.

Funda amazwi eNkosi, lapho ayegcizelela khona ngokusobala isizathu sokuza kwakhe: “…mina ngize ukuba babe nokujabula empilweni, futhi babe nakho ngokuchichimayo (ngokugcwele, kuze kuchichime) ”(NgokukaJohane 10:10 AMPC). Akazange eze ukuba sibe nokuphila kuphela, kepha nokuthi siyijabulele impilo.

Kufanele uzifundise ukujabulela noma ngabe yini uNkulunkulu akunikeza yona, ngokuba iyona Ndlela yokukhombisa ukubonga kwakho. Uma ungakujabuleli, awunakwazi ukukwazisa, ngakho-ke, angeke ukwazi ukubonga ngokweqiniso. Qala lapho ukhona — ngalokhu onakho— nokuthi wenzani!

Jabulela umndeni wakho kanye nezihlobo zakho, abangani bakho kanye nomakhelwane bakho, indlu lapho uhlala khona, isikole ofunda kuso, izingubo zakho, ngisho nokudla okudlayo nsuku zonke! Kuyisikweletu kuwe ukujabulela impilo yakho! Jabula ngawe. Hleka ngokwengeziwe, mamatheka ngokwengeziwe, dansa ngokwengeziwe! Jabulela ubuhle nobukhulu bukaNkulunkulu empilweni yakho.

📝 Jula
UmShumayeli 2:24; 1 uThimothewu 6:17

🗣️ Khuluma
INkosi yenze impilo yami yaba yinhle; Ngiyajabula emuseni wakhe ongapheliyo kanye nasothandweni lwakhe olungenamkhawulo, ngokuba ungenze ngahlala kwingcebo kaJesu Kristu! Ngiphila ngokunqoba zinsuku zonke, ngijabulela impilo yami, futhi ngigubha ubukhulu bukaNkulunkulu obukimi. Haleluya!

📚 Ukufundwa KweBhayibheli Nsukuzonke

UNYAKA OWODWA
NgokukaJohane 3:1-21, 2 Samuweli 22

IMINYAKA EMIBILI
1 KwabaseKorinte 4:11-21, Izaga 2

▶️ Yenza
Memezela ukuthi uyinzalo ka-Abrahama nokuthi udla okuhle kwezwe, ngokusho kuka-Isaya 1:19.

✍️ Amanothi Ami
______________________________________________________________________________________________________________

04/05/2021

IRapsodi YamaQiniso i-TeeVo

uLwesithathu, uMeyi 5

UKUPHUSHA KOTHANDO
(Uma Uyithanda INkosi, Phuma Uyisebenzele)

👤 uMfundisi uChris

đź“– EBHAYIBHELINI
1 KwabaseKorinte 13:13
“…Kumi ukukholwa, nokwethemba, nothando, lokho kokuthathu; kepha okukhulu kulokhu luthando.”

▶️ ASIKHULUME
Ngisake ngalalela uMfundisi othandekileyo kaNkulunkulu, eshumayela, ngaleso sikhathi efundisa, washo isitatimende esesihlale nami isikhathi eside. Wathi, “Nkosi Jesu, anginalutho engingakunika yona ngaphandle kothando lwami.” Ngacabanga ukuthi, “kambe yini engaba ngcono ukunalokhu?” Kambe yini enye ebesingamnika yona ngaphandle kothando lwethu! Izaga 23:26, iNkosi yathi, “Ndodana yami, ngiphe inhliziyo yakho, amehlo akho enamele izindlela zami”. Yilokho akucelayo kuwe; akukho okungaba ngcono kudlule ukumnika uthando lwakho.

Lokhu kubaluleke kakhulu ngoba yikho okudingayo ukuze wenze umsebenzi wakhe. Uthando lwakho ngaye luzokushukumisela ukuthi uphilele yena futhi ufeze ubizo lwakhe empilweni yakho. Umbuzo uthi, "Uyamthanda na uJesu?" Uma umthanda, noma ngabe ulizwile noma cha izwi “likubiza” ukuba wenze umsebenzi wakhe, lokho akuwenzi umehluko. Okubalulekile kuNkulunkulu ngukuthi umthanda kangakanani nokuthi lolo thando lukuqhubela ukuthi wenze ini enkazimulweni yegama lakhe.

Ngokwesibonelo, kwesinye isikhathi lapho ushumayela iVangeli, ungacabanga ukuthi, “Ingabe“ ngibizelwe ”yini kwinkonzo yokushumayela iVangeli”; ngaleso sikhathi salowo mcabango, bheka inhliziyo yakho bese uyazibuza ukuthi, “Ngiyayithanda na iNkosi?” Uma wenza kanjalo, kusho ukuthi usuveli uluqaphele ubizo lothando, futhi lolo ubizo olukhulu.

Ngesikhathi lapho usathane ezama ukukwenza ukuthi uzizwe engathi awubizelwanga, memezela uthi, "Ngiyayithanda iNkosi, futhi ngiyayilandela ngoba nginothando lwayo." Lokhu kuzokhubaza usathane zisuka nje ngoba akakwazi ukumelana nothando. Awusoze wathanda uNkulunkulu bese ubayisehluleki. Lokhu akunakwenzeka. Uthando lwakho nge-Nkosi luqinisekisiwe ukuthi luyohlale lunqoba.

Zijwayeze ukuthanda uJesu. Vikela uthando lwakho ngaye futhi lugcine luvutha zikhathi zonke. Kuyenzeka ukuthi uthando luphele, ngakho-ke qiniseka ukuthi uyaluvuselela uthando lwakho kanye nentshisekelo yakho ngaye, ngendlela engenza ukuthi kungabibikho nokukodwa noma noyedwa ongaluqeda.

📝 Jula
Kwabase-Efesu 3:14-19

🔊 Khuluma
Nkosi ethandekayo, ngiyakuthanda ngenhliziyo yami yonke, futhi ngiyabonga ngelungelo kanye nesibusiso sokuba inceku yakho, ephilela wena! Akukho okuqhathaniswa nobumbano lothando kanye nobunye engikuhlanganyela kanye nawe, futhi ngalokhu, ngibonga ngokungenamkhawulo! Ngiyaqhutshwa futhi ngiphoqelelwe uthando lwakho ukuba ngiqhubeke nokumisa ukulunga kwakho emhlabeni, nasezinhliziyweni zabantu, eGameni likaJesu. Amen.

📚 Ukufundwa KweBhayibheli Nsukuzonke

UNYAKA OWODWA
NgokukaJohane 2:1-25, 2 Samuweli 20-21

IMINYAKA EMIBILI
1 KwabaseKorinte 4:1-10, Izaga 1

▶️ Yenza
Yini ozoyenzela iNkosi namuhla ngenxa yothando lwakho Ngayo? Bhala ngezansi bese uqinisekisa ukuthi uyakwenza!

✍️ Amanothi Ami
_______________________________________________________________________________________

Ukuvuma Impilo Yaphezulu26 Novemba 2020
26/11/2020

Ukuvuma Impilo Yaphezulu
26 Novemba 2020

24/11/2020

IRapsodi Yamaqiniso
Umfundisi Chris
ULwesithathu, UNovemba 25

Ulwazi Lokuthi Ungubani

"Ngomlomo umuntu ongenaNkulunkulu ubulala umakhelwane wakhe, kepha abalungileyo bayakukhululwa ngokwazi (Izaga 11:9)."

Ake ucabange ukuthi ukuba ubuthwala futhi ubudlala nengane kamakhelwane enonyaka owodwa noma emibili ubudala, bese ngokuzuma ikuluma esandleni! Uyalibona inxeba lokulunywa, kodwa ulithathe njengento engelutho, ngoba ingane. Bese kuthi ngenkathi uhamba, othile aze kuwe athi, “Ngibonile leya ngane ikuluma; kodwa bewazi ukuthi ingane ine-HIV.?”

Ngokungazelele, isimo sakho siyashintsha; uqala ukukhuluma ngezilimi usho nokuvuma. Engqondweni yakho, ucabanga ukuthi usebenzisa ukholo lwakho, kanti empeleni ukhombisa ukungaziqondi ukuthi ungubani kuKristu. UNkulunkulu akafuni ube kulelo zinga.

Uma unolwazi ngoNkulunkulu futhi uqaphela onakho ngaphakathi kuwe, nokuthi ungubani kuKristu, uzohlala unganyakaziswa, naphezu kolwazi olusha olumayelana nengane. Yilokho uMphostoli uPawulu ayekwazi futhi okwamenza wehluka kakhulu. Encwadini yeZenzo 28: 3-6, inyoka eyaluma uPawulu yayinesihlungu, futhi labo ababemzungezile babembhekile, belindele ukuthi avuvukale afe khona lapho. Kodwa bamangaliswa ukubona uPawulu engenamyocu. Akazange nakancane akunake lokho; ibhayibheli lithi wayithuntuthela emlilweni, waqhubeka nokuxoxa ngeVangeli. Haleluya!

Omunye umuntu angathi, &Awu, ukube nje nginohlobo lokholo uPawulu ayenalo!& Chabo, kwakungekhona ukukholwa uPawulu akubonisa; kwakuwulwazi lukaNkulunkulu olusebenzayo. Wayenolwazi nje lokuthi uJesu wathi umKristu ungubani. Embhalweni ngokukaMarku 16: 17-18, uJesu wathi, “Lezi zibonakaliso ziyakubalandela abakholwayo… uma bephuza okubulalayo, akusoze kwaba-nangozi…” Uma ngabe kukhona into enobuthi eke yangena ohlelweni lwakho — kungaba ngengozi noma ngenhloso — angeke ibe nomthelela kuwe.

Okudingayo ulwazi olufanele nolwanele lweZwi likaNkulunkulu; yilokhu okukubeka ngaphezulu empilweni. Abaningi abanayo inkinga yokholo ngoba ngamunye kithi sinokholo (KwabaseRoma 12:3). Inkinga ngukungazi ukuthi bangobani nokuthi yini okungeyabo kuKristu. Ulwazi lweZwi likaNkulunkulu lukunika ukuqiniseka okungenakuphikwa ngempilo edlulele yokunqoba nokubusa. Yingakho kufanele ufunde futhi uzindle ngeZwi nsuku zonke, ngoba ngolwazi, njengoba kufundwe evesini lethu lesihloko, abalungileyo bazonikelwa efeni labo.

Umkhuleko

Baba othandekayo, ngiyabonga ngomthelela weZwi lakho empilweni yami. Njengoba ngifunda futhi ngizindla ngeZwi namuhla, angigcini nje ngokuthola ifa lami kuKristu, ngithola nokholo engizoxhumana nalo, futhi ngijabulele konke ongenzele khona kuKristu. Ngiyabusa empilweni ngeZwi lakho, ngiyawina, ngiphumelele, futhi nginqobe izinselelo zempilo ngeZwi, eGameni likaJesu. Amen.

Ukufunda Okungezelelwe:
UHoseya 4:6 ; Izenzo 20:32
2 KaPetru 1:2

Ipulani lokufunda ibhayibheli unyaka owodwa:
1 KaPetru 4 & UHezekeli 33-34

Ipulani lokufunda ibhayibheli iminyaka emibili:
Isambulo 1:1-20 & UHoseya 3-4

Leave comments on todays devotional at www.rhapsodyofrealities.org

24/11/2020

IRapsodi YamaQiniso i-TeeVo

🗓️ uLwesithathu, uNovemba 25

UZALWE NGOKUKA-ADAMU WESIBILI
(UngowaseZulwini Ngokwemvelo)

👤 uMfundisi uChris

đź“– EBHAYIBHELINI
1 KwabaseKorinte 15:48 “Njengokuba enjalo owayengowenhlabathi, banjalo nalabo abangabenhlabathi, nanjengokuba enjalo ongowasezulwini, banjalo nabo abangabasezulwini.”

🗣️ ASIKHULUME
“Andrew! Andrew!” Kumemeza u-Ben.

“Kubukeka sengathi ubaba wakho usefikile!”

"Ubaba wami?" Kubuza u-Andrew emangele.

"Yebo, kanti akusuye na, ubaba wakho lo omi laphaya endaweni yokupaka yesikole?" Ejabule u-Ben.

“Cha, akusuye. Angimazi loya muntu kusuka ku-Adam,” Ekhuza ebabaza u-Andrew.

Nginesiqiniseko sokuthi uke wayizwa inkulumo enjengale, ngaphambilini. Njengo-Andrew, abantu abaningi, ngokungazi, bazithola bechaza uhlu lozalo lwabo kusuka ku-Adam wokuqala. Kepha uma ngabe uzelwe kabusha, ukuzalwa kwakho akuveli ku-Adamu wokuqala kepha kuvela ku-Adamu wesibili, uJesu Kristu. UNkulunkulu akalandeleli uhlu lwakho lozalo kusuka ezweni lokuzalwa kwakho kwasemhlabeni. UJesu wathi kumaJuda, “...nina ningabaphansi, mina ngingowaphezulu; nina ningabakuleli zwe, Mina angingowaleli zwe” (ngokukaJohane 8:23). uJesu wayazi ukuthi wehlukile. Kunjalo nakuwe namuhla. Ungowasezulwini!

1 kwabaseKorinte 15:47 uthi, “umuntu wokuqala wavela emhlabeni, engowenhlabathi, umuntu wesibili uvela ezulwini.” NjengoJesu, ungowasezulwini; lokho kusho ukuthi awukho ngaphansi kwaleli zwe, noma kwizinhlayiya zalo noma kwizinhlelo zalo. UJesu wanqoba, futhi wanqoba lo mhlaba ngenkathi ehamba emhlabeni. Yilokhu akulindele kuwe, ngoba “...njengokuba enjalo yena, sinjalo nathi kulelizwe” (1 ekaJakobe 4:17). UJesu Kristu, ongumfanekiso wakhe kanye nokufana kwakhe, uyiNkosi evela ezulwini futhi unguMoya ophilisayo. Manje useyimpande yakho; wena uxhunywe kuye, uzalwe ngaye, futhi ungowakhe! Ubudlelwano bakho no-Adamu wokuqala buchithwe ngokuphelele ingunaphakade.

Kepha, labo abangazelwe kabusha bangabenhlabathi. Sibabiza “ngabomhlaba”; bangabakuleli zwe futhi bangaphansi kwamathonya akuleli zwe. Lesi yisona isizathu sokuba ushumayele iVangeli kuwo wonke umuntu oseduze nawe, ukuze bezwe iVangeli likaKristu, baguqulwe ekubeni ngabomhlaba babe ngabasezulwini. Haleluya!

🎯 JULA
kumaHeberu 12:22; kwabaseKolose 3:9-10

🗣️ KHULUMA
Angiyena owakulomhlaba! Ngiwumfanekiso ka-Adamu wesibili ongowokugcina — uJesu Kristu. Konke okumayelana nempilo yami kungumfanekiso wezulu emhlabeni, futhi ngiqhubeka nokunweba leyo ndawo kulabo abasezweni lami, futhi ngiholela imiphefumulo eMbusweni, eGameni likaJesu. Amen.

📚 UKUFUNDWA KWEBHAYIBHELI ZINSUKUZONKE

UNYAKA OWODWA
1 kaPetru 4, Isililo 1-2

IMINYAKA EMIBILI
ngokukaJohane 14:22-31, 1 iziKroniki 25

▶️ YENZA
Funda futhi uzindle ngo 1 kwabaseKorinte 15:49.

✍️ AMANOTHI AMI
________________________________________________________________________________________________________________________________________________________

Greetings Beloved❤Kindly click on the link below to download IRapsodi Yamaqiniso. Your life will never remain the same🤞🏼...
21/09/2020

Greetings Beloved❤
Kindly click on the link below to download IRapsodi Yamaqiniso. Your life will never remain the same🤞🏼.
1millionoutreaches.tniglobal.org/downloads.html?language=Zulu¢er=SouthernAfrica2

IRapsodi YamaqinisoUmsombuluko, uSeptemba 21IGAMA LAKHO ENCWADINI YOKUPHILAfuthi uma ekhona osusa utho kuwo amazwi encwa...
21/09/2020

IRapsodi Yamaqiniso
Umsombuluko, uSeptemba 21

IGAMA LAKHO ENCWADINI YOKUPHILA

futhi uma ekhona osusa utho kuwo amazwi encwadi yalesi siprofetho, uNkulunkulu uyakususa isabelo sakhe emthini wokuphila...
(Isambulo 22:19)

IRapsodi Yamaqiniso
Umfundisi Chris
Umsombuluko, USeptemba 21

Igama lakho encwadini yokuphila

"futhi uma ekhona osusa utho kuwo amazwi alencwadi yalesisiprofetho, uNkulunkulu uyakususa isabelo sakhe emthini wokuphila… (Isambulo 22:19)."

Abaningi bacabanga ukuthi uma othile enikela inhliziyo yakhe kuKrsitu, yingaleso sikhathi igama lakhe libhalwa encwadini yokuphila. Kepha akusikho lokho iBhayibheli elikufundisayo. Akusikho kahlehle mayelana nokubhalwa kwegama lakho encwadini yokuphila, inkinga ukususwa encwadini yokuphila.

UEksodusi 32:32, uMose wathi kuNkulunkulu, “…ake ungesule encwadini oyilobileyo.” UMose wayazi ngencwadi yokuphila, akusiyo incwadi ebhalwa uma uzalwa kabusha, ngoba uMose “wayengazelwe kabusha.” Ngakho, yini kanti incwadi yokuphila? Incwadi lapho uNkulunkulu aloba khona wonke owake wazalwa kulelizwe.

Funda inhloko yevesi futhi, kwabe kuyisexwayiso kumuntu wonke. Ipulani kaNkulunkulu kwasekuqaleni kwakuwukuba sonke sibe naye. IBhayibheli lithi “ingathandi ukuba kubhubhe namunye, kodwa ukuba bonke beze ekuphendukeni” (2 KaPetru 3:9). Umlilo waphakade wawungalungiselwe abantu (NgokukaMathewu 25:41), kepha uSathane nezingelosi zakhe. Kepha uNkulunkulu wanika umuntu amandla okukhetha.

Noma ngubani ongayikuthola igama lakhe encwadini yokuphila, kumele azisole yena. Impendulo kaNkulunkulu kuMose iku-Eksodusi 32:33 lokhu esikufunde ekuqaleni kwakungukuthi, “Owonile kimi ngiyakumesula encwadini yami” (U-Eksodusi 32:33). Lokhu ngokulula kuchaza ukuthi phila impilo yakho kuNkulunkulu.

Hamba nsuku zonke othandweni nasekulungeni, futhi igama lakho liyakuhlala likhona encwadini yokuphila. Phila impilo ekhazimulisa uJesu Kristu. 2 KwabaseKorinte 5:15 uthi, “Wafela bonke, ukuze abaphilayo bangabe besaziphilela bona, kodwa baphilele yena owabafelayo, wabuye wavuka.”

Umkhuleko

Baba othembekile nolungile, ngiyakubonga ngelungelo lokuba ngufakazi wamandla akho asindisayo; ngiyakhulekela imiphefumulo emhlabeni jikelele namuhla, ukwamukela iZwi lakho futhi iphenduke! Kanjalo, ngiyagomela ukuthi imisebenzi yami eMbusweni, kanye nohambo lwami nawe, kuyahlambululwa ngoMoya wakho, ngenxa yenkazimulo yakho, eGameni likaJesu. Amen.

Ukufunda Okungezelelwe:
UIsaya 50:7 ; UGenesise 6:3 ; NgokukaMarku 10:29-30

Ipulani lokufunda ibhayibheli unyaka owodwa:
KwabaseGalathiya 5:16-26 & UIsaya 6-8

Ipulani lokufunda ibhayibheli iminyaka emibili:
1 KuThimothewu 5:11-18 & UJeremiya 39

Leave comments on today's devotional at www.rhapsodyofrealities.org

Address

37A Murchison Central
Ladysmith
3370

Opening Hours

Wednesday 04:30 - 17:30
Sunday 10:00 - 00:00

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Christ Embassy Ladysmith posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Organization

Send a message to Christ Embassy Ladysmith:

Share