22/10/2025
Inhlansiyethemba Community Development ngokuBambisana nenkampani yakwaKAEFER Kanye noMasipala waseMfolozi oholwa ngoMhlonishwa uBhengu bavakashele izikole zaseWard 07 okuyiSibonokuhle High School Kanye neLubani Primary School lapho bebeyonikela khona ngezinsiza zokufunda Kanye nokubhala njengoba abantwana babamatikuletsheni beqala izivivinyo zabo zokuphela konyaka kusasa mhlaka 23 October 2025.
Umqondisi weNhlansiyethemba uMnu. Sandiso Mjiyakho ubonge uKAEFER ngokusebenzisana okuhle anakho neNhlansiyethemba lobubudlelwano buqale eminyakeni emithathu edlule. Uphinde wagqugquzela abafundi baseSbonokuhle High School ukuba bazibambe ziqine bahambe umoya okokugcina bese bengavumeli izinto ezizobaphazamisa.
Okhuluma iNkampani yakwa-KAEFER ubonge umaspala waseMfolozi ngokuhlezi ubeka izimpilo zabantu abasha phambil. “ ngaphambi kokuba sivume ukusebenzisana neNhlansiyethemba siqale sabuka amaProgrammes abanawo okuthuthukisa abantu abasha saphinda savakashela izinkundla zokuxhumana zikamasipala waseMfolozi okuyilapho esibonile khona ukuthi lona ngomunye womaspala ababeke eqhulwini ukuthuthukiswa kwabantu abasha ngoba uma sibheka 60% wemisebenzi efakwa ekhasini likamasipala yileyo ethuthukisa abantu abasha”
UMnu. Bheki Zikhali osehhovisi labantu abasha kuMaspala waseMfolozi ube esedlulisa amazwi okuthokoza kwi- Inhlansiyethemba kanjalo nakuKAEFER ngokubambisana okuhle abanakho nokubeka izimpilo zabantu abasha phambili. Uphinde wafisela abafundi baseSibonokuhle High School ukubhala okuhle wagqugquzela abakwaGrade 11 ukuba bakhethe kahle ama Career abo uma kuqala unyaka ukuze bengazitholi sebefundela noma yini evelayo kodwa bafundele lokho abahlonze njengokungashintsha izimpilo zabo. Uphinde waveza ukuthi ngaphansi kobuholi bukaMayor uCllr X.M Bhengu bakubeke eqhulwini ukulekelela izikole ukuba zikhiqize imiphumela Emihle uma sekuphuma imiphumela yeClass lika 2025. Kanjalo uMaspala uphinde ulekelele ngemali yokubhalisa ezikhungweni zemfundo ephakeme njalo uma kuqala unyaka umaspala uphinde ukomelise abayishumi abahambe phambili ngaphansi kukamaspala wethu.
UMr Msweli (Sibonokuhle High School Kanye noMs Khumalo (Lubani Primary School) badlulise amazwi okubonga kuzozonke izinhlangano ebezikhona ngomnikelo ezikwenzile ebantwaneni.