14/08/2026
An Open Chat To My People:
Isihloko: 😥
Ubuhlungu Bangaphakathi (Silent Agony)
Ngiyanibingelela Bafowethu no Dadewethu, Bazali, Zihlobo Nabangani.
Ngikhuluma nani ngiwunoma yimuphi umuntu okhubazekile ohlala naye Ekhaya noma Emphakathini wangakini.
Ngicela ukuthatha leli thuba nginiqwashise ngengcindezi Nobuhlungu bangaphakathi esiphila ngaphansi kwabo,
emakhaya nase miphakathini yethu.
Kunabantu abangakhathalelani, abangenalo uzwelo, Abantu abakhuluma budedengu sengathi bakhuluma nabantu abayiziduli, abangenayo imizwa nezingqondo zokucabanga.
Lokho kubonakala ngendlela abaziphatha ngayo nangendlela abacabanga ngayo ngabantu abakhubazekile.
Sonke siyazi ukuthi esikhathini esedlule abantu ababephila nokukhubazeka babethathwa njengezinto ezingenamsebenzi walutho, bethathwa njengechilo, bethathwa njengesiqalekiso, bebukelwa phansi.
Kwesinye isikhathi kwakuphela ngisho umendo kowesifazane uma ethole umntwana onokukhubazeka.
Kepha manje sesikhanyiselwe, safundisiwa ngamalungelo abantu bonke ngokuhlukana kwezimo zabo.
Pho kungani abantu esiphila Nabo besaqhubeka nokusibiza ngamagama awukusibukela phansi, amagama okusehlisa isithunzi, amagama awukusihlambhalaza, bathi siyizingqekle, bathi siyizidalwa, abanye bathi singama cripple.
Kungani izelamani zibashiya ngemuva abafowabo nodadewabo abakhubazekile uma beyozijabulisa, kungenzeka yini ukuthi bayazenyeza ngabo?
Thina njengabantu abakhubazekile asikuthandi ukuthathwa njengabantu abafanelwe ukuphila ngokucela nokuphiwa ngasosonke isikhathi, lokho kusenza sizizwe singelutho futhi kwehlisa ukuzethembha nokuziqhenya kwethu.
Yebo usizo lona siyaludinga, kepha kungcono ukufundiswa ukudoba kunokuphiwa ufishi njalo nje.
Kuyaye kubenezinhlelo eziningi ezisungulwayo ukusiza abantu abakhubazekile, ezinye zazo ziyayezihlelwe ngaphandle kokusibandakanya noma ngaphandle kokuzw uvolwethu, lokho sikuthatha njengokusibukela phansi, yingakho sithi phecelezi “NOTHING ABOUT US WITHOUT US”
Kungakuhle Abantu bazifunfise ukuphilisana nabantu abakhubazekile
ngokungenangcindezi ngoba bayingxenye yomphakathi ngokugcwele njengawo wonke umuntu.
Okumele bakwenze ukubakhuthaza nokubalekelela ukuze baphile impilo ekhululekile, impilo enogqozi, ukuze bakwazi ukukhululeka ezingqondweni nasemiphefumulweni yabo. Baqonywe, baqome, bagane, baganwe bakhe imindeni ethokozile.
Kungakuhle umangase abantu esihlangana nabo empilweni bengazifundisa ukungasibuzi imibuzo engenasidingo, njengokufuna ukwazi ukuthi senziwa yini ukuthi sikhubazeke, awucabange nje ukuthi kukangaki ezimpilweni zethu sibuzwa lowombuzo ongenasidingo, bese uyazibuza ukuthi lololwazi luzokusiza ngani, lubaluleke ngani kuwena.
Ngoba iningi labantu ligcina ngokuthi
uzoba “right” okuyayekuzwakale sengathi uthi angikho right ngaleso sikhathi, kodwa ube ukhuluma nomuntu okhubazekile, hhayi umuntu olimele osazophola, uma uthi uzoba right akuqondakali ukuthi uthini.
Abantu abakhubazekile abakuthandi ukudatshukelwa, kuyinto engasizi ngalutho ngaphandle kokwenza umuntu okukhubazeka avukwe umunyu alahle ithembha, ngoba Sisuke sesakwamukela ukukhubazeka, sazifundisa nokungalukhaleli ubisi oseluchithekile.
Nakuba siphila Nalesi Simo, Kepha ziningi izinto esikwazi ukuzenzela zona nesithanda ukunikwa ithuba lokuzenzela.
Uma ubona umuntu okhubazekile etabalaza ezama ukwenza okuthile kumele ungajahi ukumenzela, okungcono ungamubuza ukuthi uyaludinga yini usizo, ngoba ukuzenzela noma kubonakala kunzima kodwa kuyamgculisa, kumenza azizwe engewona umthwalo kwabanye abantu, kusho ukuthi noma yiluphi usizo ofisa ukumnika Lona kumele uqale umbuze ukuthi uyaludinga yini.
Ukukhubazeka kuza ngezindlela eziningi ezahlukene, abanye bazalwa nakho abanye bayalimala, abanye bakhutshazwa izifo, bonke lababantu babanezinto abazinikwa odokotela abazisebenzisayo ukulekelela imizimbha yabo kulokho esuke ingasakwazi ukukwenza.
Kukhona abachama ngamapayipi, kukhona abagqoka amanabukeni, kukhona abanezitho zokufakelwa, njengemilenze nezingalo, abanye
bahambha ngezihlalo nezinduku,njalo njalo.
Konke lokhu kufanele Abantu esiphila Nabo bakwazi bakujwayele, bangakwexwayi ukuze singabi nengcindezi yokuhlale sifihla izinto eseziyingxenye yezimpilo zethu, ngoba lokhu kuyisimo esingaphezu kwamandla ethu.
Ngiyethembha lenkulumo izowela emhlabathini ovundile.
NGIYABONGA.
🖤🩶🤍🤎🩶🤍