24/07/2026
ππ½ππ½
MKHUMBANE NAWE AWUMNCINYANE: UZuma ubonge uSihlalo weDumehlezi FC ngokumthemba
nguSabelo Maphumulo
UMafa "Wele" Zuma ubonga imidlalo eyaziwa nge-SA Duma Foundation neyasungulwa uMphathiswa wezokuThutha KwaZulu-Natal uSiboniso Duma, ngokuthi imuvulele umnyango wokuthi agcine ebizwa iDumehlezi FC okuthe ngempelasonto edlule wayithatha wayinyuseka kwi-Safa KZN ABC Motsepe League.
IDumehlezi FC yaseMkhanyakude ikhuphukele kwi-Safa KZN ABC Motsepe League kanye neMP Thwala All Stars engaphansi kweLembe, womabili lamqembu adlale kahle kakhulu kwimidlalo yeHollywoodbets Men's Regional League Promotion Play-Offs, eRichards Bay.
"Okukuqala ukubonga ithuba kuSihlalo weqembu uMxolisi Ndlovu waseHluhluwe ngokuthi akholelwe kumina. Kodwa ukube kwakungeyona imidlalo yeSA Duma Foundation ngabe asilukhumi loludaba namhlanje. UDuma nguye owabanika izinombolo zami ukuthi bangithinte njengoba babedinga umuntu othe ukuba namava, kwazise iqembu lase libheke ukuyodlala amaRegional Play-Offs nalapho safike senza kahle. Sibe sesiya kumaProvincial Play-Offs nakhona sidlale kahle kakhulu, nokusibeke lapho sikhona namuhla" kusho uZuma.
Lo mqeqeshi ogabe ngoCaf C, bekungekhona okokuqala ekhuphulela iqembu kwi-Safa KZN ABC Motsepe League wakwenza ngowezi-2016 enyusela i-Ashley United nalapho wayesanda kufihla unina emasontweni amabili edlule.
"Okungilekelele kakhulu abaqeqeshi engisebenze nabo phambili yibona abangifundise izinto eziningi lapho ngibala uClinton Larsen, uPapi Zothwane, uDominic Isaacs noRonnie Gabriel ukubala abambalwa. Nami amava enginawo afike ayisiza iDumehlezi FC njengoba ebhentshini bekukhona abaqeqeshi abasahambe ibanga elincane kunami" kubeka uZuma.
Phambili usebenze namaqembu amaningi akwi-Safa KZN ABC Motsepe League okuyiGWP Friends, iSummerfield Dynamos anqoba nayo kabili iligi yesiFundazwe iKwaZulu-Natal, iNewcastle All Stars, iDitlou FC, iFalcons, iDlangezwe Hellenic, iDurban Pioneers noMzinto United FC. Iminyaka emibili ilandelana ubeqeqesha isikwati iTheku kumSalga Games aba ngoZibandlela.
Uncome abantu baseMkhanyakude abenze ngakho konke ukuthi iqembu labo bayaliseka, ngesikhathi samalungiselelo yemidlalo yamaProvincial Play-Offs kwaze kwabe iyaphela.
UMasipala isiFunda uMkhanyakude unikeleze ngezinkulungwane ezili-R10 kuleli qembu, kwathi uMasipala iBig 5 Hlabisa wona wakhiph izinkulungwane ezingama-R20.